KUZOHLALA UHULUMENI WASE-KZN UKUBHUNGA NGEZIDINGONGQANGI

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uzohola uhulumeni wesiFundazwe nazo zonke izinhlaka eziphezulu ezithintekayo kwiLekgotla, namuhla ekuseni, KwaPublic Works, eMayville, eThekwini.
Kuthiwa inhloso ukubheka kabanzi ukulethwa kwezidingongqangi, ukukhulisa umnotho, ukubusa nawo wonke umsebenzi we 7th administration.
Sizibophezele ekusebenzeleni abantu baKwaZulu-Natal ngenkuthalo nangokuphuthuma. Ngale Khabhinethi iLekgotla, sizocubungula futhi silungise umsebenzi we-7th administration noHulumeni Wobumbano Lwezifundazwe ukuze kusheshe ukulethwa kwezidingo esifundazweni sonke,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Kuthiwa le-Lekgotla izohlola isimo sezimali saKwaZulu-Natali isimo senhlalo-mnotho, icubungule izinto zomhlaba nezepolitiki ezithinta iNingizimu Afrika.
Izingxoxo ezibalulekile zizogxila ekuhlanganiseni i-Medium-Term Development Plan (MTDP) ne-KZN 8 Focus Areas kuwo wonke amaqoqo kahulumeni, ukuqinisekisa ukuqaliswa ngempumelelo kwemiklamo nezinhlelo zomnyango onyakeni wezimali wezi-2025/26.
Kuthiwa lokhu kubhunga okusezingeni eliphezulu kwenziwa yi-Technical Lekgotla, ebiholwa uMqondisi-Jikelele weSifundazwe, uDkt. Nonhlanhla Mkhize, kanti i-Lekgotla Yezobuchwepheshe izodingida izindaba zobuchwepheshe ukulungiselela.
