Uncategorised

ISILILO KUDLULA EMHLABENI OWE-GENERATIONS

USEPUTLA Sebogodi odlule emhlabeni eneminyaka engama-63. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

KUDLULE emhlabeni inkakha yomlingisi wakuleli uSeputla Sebogodi, owaziwa kakhulu ngokulingisa indawo ka-Kenneth Mashaba, emdlalweni kamabonakude iGenerations yokuqala.Ukudlula kwakhe emhlabeni kuqinisekiswe umndeni wakwaSebogodi, othe ushone ebusuku ngoLwesithathu, mhla ziyi-15 kuNtulikazi 2026, ngenxa yokugula.

Umndeni ucele ukuthi unikezwe isikhathi sokuzila ngasese. “Sicela abantu basinikeze isikhathi sokuhlonipha ilungu lethu ngasese ngalesi sikhathi esinzima,” ngokusho kwesitatimendi.USebogodi uzokhunjulwa njengeqhawe, elishiye uphawu olungasoze lwasulwa endimeni yezobuciko eNingizimu Afrika.

Ngaphandle kweGenerations, uke wabonakala emidlalweni efana ne-Scandal!, Redemption, Suburban Bliss kanye neBophelo Ke Semphego. Uphinde wadlala nemidlalo yeshashalazi efana neWaiting for Godot, The Rivonia Trial, Big Dada, Once a Pirate neMooi Street Moves.Umndeni uthi amalungiselelo omngcwabo azomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.