KUVULWE ISIKHUNGO ESAKHA AMAMITHA AMANZI KWA-CONLOG

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, evula ngokusemthethweni isikhungo esakha amamitha amanzi. Esithombeni unoMnuz Logan Moodley oyisikhulu esiphezulu kwaConlog.

IZINTOKAZI zenza imisebenzi ehlukene kuze kube kuhlangana isigubhu sikagesi. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe bayaziqhenya ngomsebenzi omuhle owenziwa inkampani ezimele uConlog ngokuphakela elakuleli, ngezigubhu zikagesi namamitha amanzi. Lokhu ukusho namuhla ekuseni ngesikhathi le nkampani ivula ngokusemthethweni isikhungo sayo esisha esakha amamitha amanzi, ekomkhulu layo eDube Trade Port.
UNdunankulu uthe muhle umsebenzi owenziwa ile nkampani. “Le nkampani ineminyaka engaphezu kwengama-60 yasungulwa. Inabasebenzi okubalwa onjiniyela, ama-artisan, ama- technicians, abenza umsebenzi omuhle besebenzisa izandla kanye nezimqondo wabo. Okungihlaba umxhwele kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane esiphezulu, okuveza ukuthi abesifazane baklama indima ebalulekile, ekwakheni ikusasa lalesi sifundazwe. Uma sihluleka ukukala amanzi lokho kusho ukuthi sizohluleka ukuwaphatha ngendlela efanele,” kusho uNdunankulu uNtuli. Uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal iConlog ifaka u-17.7% ukuze kukhulisa umkhiqizo wesifundazwe ngokusho kweGlobal Africa Network.
“Lesikhungo esivuliwe sizogxila kakhulu ekuqinisekiseni amamitha amanzi ayasebenza. Sizosebenzisana nomasipala ukuqinisekisa ukuthi amanzi akhokheliwe, imitha likweleta malini njalo njalo. Le nkampani idale amathuba emisebenzi angaphezu kwezi-2 500,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
