Uncategorised

UZIKALALA WOTHE ISILO UMISUZULU

IPHINI likaNgqongqoshe uMnuz Sihle Zikala ekhuleka kwiSilo uMisuzulu KaZwelithini. ISITHOMBE: DPWI

NOMCEBO NGEMA

IPHINI likaNgqongqoshe kuMnyango weMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Sihle Zikalala, wothe iSilo uMisuzulu KaZwelithini esigodlweni KwaKhangelamankengane, eyokwethula uhlelo lokwethulwa kwamabhuloho KwaZulu-Natal.

Lawa mabhuloho aqalwa ukwakhiwa ngesikhathi kusekhona iSilo esebuzayo, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngenhloso yokuthuthukisa le ndawo. Aabhuloho aseqediwe futhi asekulungele ukwethulwa emiphakathini. IPhini likaNgqongqoshe uMnuz Zikalala utuse ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni noBukhosi bakaZulu, wabonga iSilo ngokubamukela ngezandla ezifudumele.