LIHLEHLILE ELAMAPHOYISA ASOLWA NGOKUBULALA

LIHLEHLISIWE icala lamaphoyisa asolwa ngokudubula abulale abantu abane. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
BEZIQINILE ezokuphepha eNkantolo kaMantshi eNtuzuma izolo, ngesikhathi kuvele amaphoyisa amathathu asolwa ngamacala okubulala abaholi abane basehostela, lesi sigameko senzeka ngoNdasa nyakenye eDuffs Road, enyakatho yeTheku.
Lawa maphoyisa asolwa ngokudubula abulale uNicholas Biyela, uNathi Biyela, uNhlakanipho Ntuli noSanele Ntuli. Ngokwemibiko, lezi zisulu zazisendleleni ziyothamela umhlangano womphakathi ngesikhathi zimiswa, zikhishwa emotweni yohlobo lweVW Polo zadutshulwa ngaphandle kokuhlasela amaphoyisa kuqala. Kuthiwa lezi zisulu zazimataniswa nophenyo oluthinta izinsolo zokufuna imali yokuvikela amabhizinisi, eyaziwa ngokuthi iprotection fee.
Ngaphandle kwenkantolo bekunamalungu amaningi e-IFP, ikakhulukazi avela ehostela KwaMashu, abemasha ekhombisa ukweseka imindeni yezisulu nokufuna ukuthi kutholakale iqiniso ngokushona kwezihlobo zabo. Icala lihlehlisewe.
