Uncategorised

KUZOLEKELELWA ABAMASPAZA E-KZN

UNGQONGQOSHE uMfu Musa Zondi echaza ngengwadla ebhekene nezwe lonke, nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

IZINKUMBI zosomabhizinisi abancane ebebeyingxenye yalengxoxo. IZITHOMBE: KZNEDTEA

NOMCEBO NGEMA

INGWADLA yokushoda kwamathuba emisebenzi, kwenze uhulumeni waKwaZulu-Natal, uqhamuke namasu okulekela ukudala amathuba emisebenzi, ngokweseka osomabhizinisi abancane bezipaza emalokishini, nasemakhaya. UMfu Musa Zondi onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uthe bazimisele ukulekelela ngamasu okuthuthukisa umnotho wamaspaza shops emalokishini, nasezindaweni zasemakhaya, kwingxoxo ebise-Achie Gumede Conference Centre, eMayville.

“Sisebenzise imali yabakhokhi bentela ukwakha izinhlelo zokusekela izakhamuzi zakulesi sifundazwe. Sifisa abantu bakwazi ukungena kumkhakha wezamabhizinisi wamaspaza, bakwazi nokuwaphatha ngendlela, ezolekelela ekufukuleni umnotho,” kubeka uNgqongqoshe uMfu Zondi. Uthe kubazwisa ubuhlungu ukubona abantu ababasizile ngoxhaso beludlulisela kubantu bokufika kuleli.

“Njengoba sihlangene lapha kufanele siwuyeke lo mkhuba, ebese siyazigqaja ngalokhu uhulumeni wethu azama ukusenzela kona. Sinazo izinhlelo zokusiza osomabhizinisi bakithi abancane, abaphakathi nendawo, nabakhulu ukuze bakwazi ukusimama. Asikwenzi lokhu ngoba nakhu sekunemkhankaso yokuthi abokufika abangenawo amaphepha ababuyele emazweni abo. Siqale lolu hlelo lokufukula osomabhizinisi ngoba isimo somnotho siyinto ephuthumayo. Singakhuluma thina njengosopolitiki kodwa uma abantu belala bengadlile lokho kusho ukuthi asikawenzi umsebenzi wethu. Sizoqhubeka sisebenzisane nomasipala basekhaya neziFunda,” kuphetha uNgqongqoshe uMfundisi uZondi. Le ngxoxo ibihanjelwe izimeya, amaKhosi, abakwaShoprite Checkers, Uniliver, Takealot, Uber nabanikazi bamaspaza shops.