UBONGE IMEYA ONIKELELWE NGE-WHEELCHAIR

UMNUZ Mikhayeli Ngema ohlomule nge-wheelchair eqhutshwa iMeya uCllr uDlamini. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UBONGE iMeya uCllr Sikhumbuzo Dlamini yoMkhandlu iKing Cetshwayo, owesilisa onikelelwe ngeWheelchair, ngesikhathi kuzokwethula ngokusemthethweni ingqalasizinda yamanzi, KwaZece, naseGcotsheni eMombeni, eShowe.
IMeya uDlamini uthe ukwenza lokhu ngenhloso, yokwelula isandla kwabaxakekile njengesisebenzi somphakathi. UMnuz Mikhayeli Ngema ohlomule nge-wheelchair ubonge iMeya uDlamini wathi usezokwazi ukufinyelela noma yikuphi lapho afisa ukuya khona. “Ngiyabonga kakhulu ngengqalasizinda yamanzi, uNkosikazi wami usezoyeka ukuvuka ekuseni ngovivi ayokha amanzi emfuleni,” kusho uMnuz Ngema.
