KUHLONISHWE IGALELO LENKOSI U-ALBERT LUTHULI KWADUKUZA

IPHINI likaNgqongqoshe uMnuz Kenny Morolong ehlonipha iNkosi Albert Luthuli. ISITHOMBE:GCIS
LINDELWA MAGWAZA
IPHINI likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Kenny Morolong, wethule umkhankaso iMilestones of Freedom KwaDukuza, ngemuva kokubeka izimbali eGroutville United Congregational Church, ngenhloso yokuhlonipha iNkosi Albert Luthuli.UMnuz Morolong uthe isiFunda iLembe sikhethwe ngenxa yomlando waso obalulekile emzabalazweni wenkululeko.
“Silapha hhayi nje ukuzohlonipha iNkosi Albert Luthuli kuphela, kodwa sizokhumbuza abantu bakuleli ngefa alishiya, nalokho ayekumele,” kusho uMnuz Morolong.Uthe uLuthuli ungomunye wabaholi abaqhakambisa ukuthula, ngesikhathi ehola i-ANC. “Wayekholelwa ekulweni ngokuthula, futhi yilowo mlando esifuna izizukulwane zanamuhla ziwazi,” kusho uMorolong.
Uqhube wathi lo mkhankaso uhlonipha amaqhawe omzabalazo, abesifazane abamasha ngonyaka ka-1956, intsha yango-1976, neminyaka iminyaka engama-30 yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.
