Uncategorised

UBONANG MATHEBA UKLONYELISWE NGETRAILBLAZER AWARD

ABASADI in Music Awards aklomelise uBonang ngeTrailbrazer Award. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UHLONISHWE ngomklomelo weTrailblazer Award kumaBasadi in Music Awards wakulo nyaka, uBonang Matheba odume kakhulu emkhakheni wezokungcebeleka.UBonang owaziwa kakhulu ngokuthi uQueen B, ungusomabhizinisi, umsakazi nomuntu ovelele kwezokuxhumana.

Uhambo lwakhe kwezokungcebeleka selumenze waba ngomunye wabantu besifazane abavelele embonini yezokuzijabulisa. Lo mklomelo unikezwe uBonang ngenxa yendima ayiklame kwezokungcebeleka, kwezokuxhumana nokukhuthaza kwakhe abantu besifazane, ukuthi balandele amaphupho abo ngaphandle kokwesaba.

AmaBasadi in Music Awards, abebegubha iminyaka emihlanu kulo nyaka, bathe lo mklomelo ugxile kakhulu ekuhlonipheni abesifazane abaye bahamba phambili. “Besibheka abesifazane abavula amathuba amasha nabayisibonelo kwabanye. UBonang ungomunye wabesifazane abenze umlando ngokuphakamisa ifulegi lase-Afrika kwamanye amazwe, ngalokho ke ingakho kuqokwe yena ukuthi ahlomule ngalo umklomelo,” ngokusho kwaba-AmaBasadi in Music Awards