KUNCONYWE OWESIFAZANE WASEMSINGA ONQABE UKUSHUTHA NEGCOKAMA ELISHA

UNKSZ Mdletshe ongumakoti omncane waseMsinga ehamba nomngani wakhe. ISITHOMBE:FACEBOOK
OWAMI THABETHE
BAHLABEKE umxhwele abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwe- video yowesifazane wakwaMdletshe eMsinga enqabe ukushutha neGcokama Elisha.
Lo MaMdletshe ubehamba nomunye wesifazane oshutje isithombe noSK ngesikhathi beya enkonzweni yomgcwabo kaScebi Dlamini.Le ngoduso ithe ngabe iyashutha nosaziwayo ukube ayiganile.Iningi labantu besilisa ezinkundleni zokuxhumana bayincomile le ntokazi ngesenzo sayo, bathi ikhombisa ukuba ngumakoti ozithobile futhi ongayena uthathekile.
Abanye bathe ukhombise ukuhlonipha umnyeni wakhe noma engekho phambi kwakhe.Abantu bathi sekuyivela kancane esikhathini samanje ukuthola umuntu ohlonipha umyeni ngisho engekho phambi kwamehlo akhe, osahlonipha isintu, futhi lokhu kusho lukhulu ngekhaya akhuliswe kulo.
