Ezobumnandi

URASTA UXOLISE NGOMDWEBO WE-NKOSI YAMAGCOKAMA OSHAYE ECELENI

UMDWEBI uRasta the Artist,. ISITHOMBE: RASTA THE ARTIST

AKHONA DLAMINI

UMDWEBI odumile uRasta the Artist, ucele uxolo kubalandeli, izihlobo nomndeni kaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini, ngomdwebo wakhe.

URasta uthe naye ungumlandeli omkhulu kaScebi, ubuhlungu bokudlula kwakhe emhlabeni ubuzwile, wenze lo mdwebo ngenhloso yokumhlonipha okokugcina, kodwa wathola ukugxekwa kakhulu ngenxa yokuthi abanye babone ukuthi lo mdwebo awufani kahle noScebi.

“Ngithanda ukudlulisa ukuxolisa kubalandeli abaphatheke kabi ngomdwebo wami. Bekungesiyo inhloso yami ukwenza ihlaya, kodwa bengifuna ukuhlonipha uScebi kokugcina njengoba ngiwumlandeli. Ngizozama ngawo wonke amandla wami ukuwulungisa,” esho.

Uqhube wathi abantu abamosha igama lakhe ilaba abashutha umsebenzi wakhe ungakapheli.
Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini waSipho “Gupta” Mchunu oyigidangoma likaScebi, wathi sesikhona nesithombe sikaGupta asidwebile.