Izindaba

UMASIPALA WETHEKU WETHULE IZITHUTHI EZINTSHA

IZITHUTHI ezintsha ezethulwe ngokusemthethweni

IMeya EYA yeTheku uMnuz uCyril Xaba .

AM

Izimoto zamanzi. IZITHOMBE: UMASIPALA WETHEKU

AKHONA DLAMINI

UMASIPALA weTheku wethule uxhaxha lwezithuthi olusha, olubiza izigidi ezibalelwa ku-R300m okuhloswe ngalo ukwelekelela imiphakathi.

Lezi zithuthi zethulwe ngokusemthethweni yiMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, eCentrum Site, zifaka amabhasi angama-57, amaloli amanzi angama-35, izimoto eziyi-18 zabaphakeli bamanzi neziyi-16 ezizosetshenziswa emisebenzini yemigwaqo namapaki.

Kulawa mabhasi amane akhandelwe ukuthutha abantu abaphila nokukhubazeka.
UXaba uthe lokhu kukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala ekuthuthukiseni izinsiza zomphakathi ezizosiza wonke umuntu, futhi uMasipala ufuna ukuqinisekisa ukuthi akukho muntu ozoshiywa ngaphandle.
“NjengoMasipala ophendulayo nonakekelayo, senze isiqiniseko sokuthi lezi zithuthi zizosiza wonke umuntu, akekho umuntu ozoshiywa ngaphandle,” esho .

Isekela likasihlalo we-eThekwini Municipal Disability Forum, uHlengiwe Mngadi, libonge uMasipala, lathi amabhasi azosiza ukubuyisela isithunzi kubantu abaphila nokukhubazeka.