UNYOVEST USEBENZISE UKUGXEKWA KWAKHE WABHUKULA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UKUGXEKWA komrepha onguMtswana uCassper Nyovest, ngokuthi usephelelwe ushatini, sekumdine wanquma ukuvusa ikhonsathi yokugcwalisa inkundla.
UNyovest ungcofwe umethuli wepodcast uMac G, obephawula nge-single asanda kuyidedela ethi ‘Kusho Bani’, athi ukholwa ukuthi akasekho emgangathweni ingakho kumele ashiye phansi ubhobho, ngaphambi kokuthi uziqathakele wona. Le nkulumo yenze ukuthi uNyovest athungathe inkundla azoyigcwalisa.
Phambilini wake wawenza lo mkhuba owaba ingqophamlando emculweni wakuleli. Waqala ngeFill Up The Dome eGoli 2015, Fill Up e-Orlando Stadium ngo-2016, eyaseFNB Stadium ngo-2017, eyase Moses Mabhida Stadium ngo-2018 neyangakubo eMmabatho eNorth West eMahikeng ngoDecember 2022.
Ugijimele ezinkundleni zokuxhumana waxhumana nabalandeli bakhe ebazisa ngalo mcabango wokugcwalisa inkundli futhi. “Yazini? Awuthi ngisukume ngibhukhe inkundla ngenze enye i-Fill Up ukuze ngiqondise ukukhuluma. Nkare bafana ba ba Tla ntlwaela cause ke itidimaletse! (Kubukeka sengathi laba bafana sebegcwele indelelo ngoba ngizithulele). Manje ngitsheleni iyiphi inkundla enifuna siyenzele khona le khonsathi? Ngizoyenza nomakanjani. Ngokwami angimkhulu kunabanye abaculi. Ngiyakholelwa kuNkulunkulu. Ngikhuluma nje ngisanda kuthinta imenenja yami uT-Lee ngamnxusa ukuthi axhumane nabaphathi benkundla kanti ujabule kabi. Team Nyovest ngiyaninxusa ukuthi nilunge sibuyele enkundleni siyoyigcwalisa,” esho.
