
UNTULI UBHONGE EMSWANENI KWAMAKHOBA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ehambele umndeni wakwaMakhoba eMandeni.
ISITHOMBE: KZNOTP
OWAMI THABETHE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uvakashele umndeni wakwaMakhoba okubulawelwe ubaba wekhaya uMnuz Bonginkosi Makhoba (52) nomkakhe uNksz Thembeni Ngiba, phambi komndeni wabo kwaNembe, eMandeni ngoLwesibili mhla ziyi-8 kuMandulo.
Ilungu lomndeni uMnuz Nkosinathi Shabangu, lithe kufike abalisa abane abangaziwa, ababili bangena endlini badubula babulala uMakhoba nomkakhe.
Ngokusho kwamalunga omphakathi kule ndawo, izigameko zokubulawa kwabantu emakhaya abo sekuyintsakavukela, kuhlale kuqhuma izibhamu mihla namalanga.
UNdunankulu uthe kuyamkhathaza ukuthi izigameko ezinjengalesi zande kakhulu ezindaweni zasemakhaya.
“Le mpi esibhekene nayo esifundazweni ngeke ixazululwe wukuqashwa kwamaphoyisa amaningi, kodwa izodinga umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekunqandeni le nkinga,” kuchaza uNtuli.
UNdunankulu udlulise amazwi enduduzo nokweseka umndeni wakwaMakhoba ngalesi sikhathi esinzima obhekene naso.
