Izindaba

KWETHULWE IZIMOTO ZOKUSHESHISA IMISEBENZI YOMPHAKATHI

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi noMenenja kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini, ngesikhathi kwethula izimoto ezintsha zikamasipala.

UHLOBO lwezimoto zamaveni ezintsha ezizolekelela ukusheshisa imisebenzi emphakathini.
IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

IMEYA kaMasipala waBaQulusi, uCllr Sifiso Mkhwanazi, usethule izimoto ezintsha eziyi-11 zakwa-Isuzu 4×4 ngenhloso yokuqinisa ukulethwa kwezidingo zomphakathi.

Lezi zimoto zizolekelela ukuqeda inkinga yokushoda kwezimoto, ebambezela ukusebenza kukamaspala, ikakhulukazi oMnyangweni kaGesi nowaManzi, okuholele ekutheni ukulungiswa kukagesi namanzi kuthathe isikhathi eside.

UMkhwanazi uthe lezi zimoto zizokwenza kube lula, ukuthi amathimba ezinhlaka ezithintekayo afinyelele ngokushesha ezindaweni ezikude kulo Masipala, okubalwa indawo yaseVryheid, eMondlo naseLouwsburg.

“Ngiyafisa izisebenzi zethu ukuthi zisebenzise lezi zimoto ngokuzibophezela futhi zizinakekele kahle njengoba ziyimpahla yomphakathi,” kusho uMkhwanazi.

Umphakathi ukholwa ukuthi lesi sinyathelo sizoletha ushintsho olubonakalayo ekuphenduleni izikhalo zawo.