
IHLABENE NGENDONDO YOMHLABA EYOMSIKI WENGQEPHU WASE-MLAZI

UMPHATHI weNdoni uNkk Kwenzekile “Kwenzi” Nkomo

INDONI x Duke ehlabane ngalendondo. IZITHOMBE:FACEBOOK
AYANDA PHOSWA
IGILE izimanga inkampani yabadwebi nabasiki bengqephu, iDuke x Indoni Fashion House ibuya nendondo lapho beyimele khona iNingizimu Afrika, eMargilon e-Uzbekistan kwi‑International Traditional Textile Festival, eyaziwa nge‑Atlas Bayrami.
Kulo mcimbi bathole umklomelo weBest Collection, lapho beqwaqwade khona abadwebi nabasiki bengqephu bamazwe alishumi, adume kakhulu ngendwangu nokotini kuwo okukhona i-Italy, iRomania neFrance.
Lo mbukiso i-Atlas Bayrami obungalempelasonto yomhla ziyi-17 kuya ku-19 kuMandulo, ubukeka ukhula minyaka yonke kusuka ngonyaka ka-2015 owasungulwa ngawo. Kumanje awusagxilile nje kuphela kokwakhiwe ngendwango, kodwa uphinde ubheke neqhaza elibanjwa yile mboni ukugcina umlando nokukhula kwezomnotho.
Umphathi weNdoni uNkk Kwenzekile “Kwenzi” Nkomo, akawuvali umlomo njengoba ebonga inhlanhla emehlele. Uthi lokhu kuyamthobisa njengomuntu ovela eMlazi ukuthi azithole esesicongweni kwezemfeshini esigabeni samazwe ngamazwe omhlaba.
“Ukusuka eThekwini kuya e-Uzbekistan ubuciko bethu, ifa lethu kanye nemfashini yethu kudlule kwanqoba izingqinamba eziningi ezidalwa imingcele, kusithokozise kakhulu ukumela iNingizimu Afrika esigabeni samazwe omhlaba. Namanje akukholakali ukuthi siphumelele sahlonishwa kanjena emhlabeni wonke jikelele. Ngicela ningibongiseni,” esho.
Nakuba uKwenzi eseke waba nemibukiso eminingi kusuka ngonyaka ka-2014, waphinde wagqokisa osaziwayo abahlukene baseNingizimu Afrika, uthe kodwa okwanonyaka kumethusile, nakuba ebengaqali ukuhambisa iqoqo lomsebenzi wakhe phesheya kodwa lo mbukiso ngeke awukhohlwe ngoba umhlabe umxhwele.
“Lona bekungumhlangano wamazwe omhlaba wezindwangu kanye nemfashini, uhlanganisa amazwe obuciko avela emhlabeni wonke.
Ku‑Indoni x DUKE, lona ngumzuzu wokwabelana ngomklamo waseNingizimu Afrika, ukuxhumana namanye amaciko anemisiko esemgangathweni ophezulu, nokuba yingxenye yengxoxo yomhlaba wonke mayelana nesiko lemfashini,” ephetha.
