Uncategorised

UMLINGISI UTINYELWE WAXOLISA KOWE-BIG BROTHER

Ashley Ogle

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ISILOMO somlingisi wemidlalo kamabonakude uWiseman Ncube, sesixolisile ngenkulumo yaso enganambathisisekanga kahle kwabaningi ngo-Ashley Ogle obengenele I 5 Big Brother Mzansi.
Lo mlingisi ozobonakala maduze ku Shaka Ilembe ubize u-Ashley ngekhaladi. Akagcinanga lapho njengoba ebuye wabeka umbono wokuthi uSweet Guluva odle umhlanganiso kulo mncintiswano kumele amyeke. Le nkulumo yakhe abanye bayibone ngokuthi inokucwasa. Ngemuva kokutinyelwa iziqandu ezinkundleni zokuxhumana uNcube unikele ku-X wakhipha isitatimende sokuxolisa. Kuthiwa eyonile uma ilibona iphutha iyaxolisa. Ngicela ukuthatha leli thuba ngixolise ku-Ashley, abalandeli bakhe nakubo bonke abathintekile amagama ami. Bengithi ngiyazincokolela kanti angeke kwehle kahle kwabanye. Manje ngiyaqonda ukuthi amagama ami ahumusheka ngenye indlela engeyinhle. Lokhu okwenzekile ngizokuthatha njengesifundo ukuze ngokuzayo kungaphinde kwenzeke. Yobe.

Wiseman Ncube