Izindaba

UNGEMA UNXUSE ABANTU UKUTHI BANGADIKIBALI UKUVOTA

OWAMI THABETHE

ONGUMHOLI weDemocratic Alliance (DA) esifundazweni KwaZulu-Natal, uCllr Sthembiso Ngema uthe abantu bangakhohlwa ukuthi ukuvota kusho ukuzikhethela nokuziqashela umuntu ofuna akusebenzele, ngakho ke abantu bangayeki ukuvota. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma bukhoma no-Umusa News ngoLwesibili mhla zingama-20 kuMfumfu eThekwini.

UNgema uthe iqembu leDA into yokuqala elizoyenza uma lithatha uMasipala weTheku, lizokhuculula uhlelo lukahulumeni indlela olusebenza ngayo. Uthe bazokuqeda nya ukukhokhelwa kwamanzi ngoba ayisidingo sempilo nsuku zonke, pho kungani izakhamizi kumele zikhokhe izizumbulu zemali ukuze zikwazi ukuthola amanzi.

“Uke uzwe izakhamizi zikhala ngokuthi ubengekho ekhaya izinyanga eziningi kodwa mayebuya unesikweletu sikaR60 000, kuzomele akhokhele amanzi angawasebenzisanga futhi uMasipala uzokuphoqa ukuthi uwakhokhele ngoba uzokuvalela amanzi. Lokho sizokuqeda nya njenge DA”, kusho uNgema.

UNgema uphinde wathi bazobuyisa amanzi empompini emiphakathini, baqede ukuhlinzekwa kwamanzi ngamaloli. Uthe ngokusho kukaSomlomo kaMasipala weTheku, uCllr Thabani Nyawose sebetholile ukuthi amanzi akhona kodwa kunabantu abavala amanzi ngamabomu ukuze kuzuze osonkontileka nezinkampani zonogada abaphelezela lama loli.

“Lobu ubugebengu bokudla imali kaMasipala futhi sizowuqeda umkhuba wokuvalela abantu amanzi ekhona ukuze kuzuze osonkontileka bamaloli amanzi”, kusho uNgema.Unxuse abantu ukuthi bacabange ngekusasa lezingane zabo uma sebevota ngomhlaka 4 kuLwezi.