OWE-SUNDOWNS UPHAWULA NGOKUHLENGA OWASE-TUNISIA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
“Ngicela ungangibulali. Ngiwubaba onezingane ezintathu ezisangidinga kakhulu empilweni yazo.” La mazwi atshelwe uSiboniso Masango ohlenge umlandeli we-Esperance Sportive de Tunis osinde ekulimaleni kanzima ngesikhathi kusuka uthuthuva phakathi kwabalandeli baleli qembu laseTunisia neMamelodi Sundowns, ngemuva komdlalo we-CAF Champions League ePretoria ngoLwesibili ntambama.
UMasango usephenduke iqhawe ezinkundleni zokuxhumana njengoba abonakala eyosiza lo mlandeli owayelengela ekuweni ngesikhathi, abalandeli be-Esperance beshayana nabeSundowns becikwe ukuthi ezabo ziguqe ngo 1-0 kulo mdlalo we quarter final. Exoxa ngalesi sigameko lo mlandeli waseCenturion ePitoli uthe bebethukile benokwesaba abalandeli.
“Abalandeli be-Esperance mhlawumbe babecabanga ukuthi ngiyomshaya umlandeli, ngesikhathi bengibona ngigijima ngiya kuye. Ngangingeke ngibe nokuthula ngibukele umuntu afele ibhola, ngoba ngokwazi kwami ibhola kumele lisihlanganise hhayi ukuthi sixabane. Ngesikhathi ngiza kuye ngimtshela ukuthi makanginike isandla ukuze ngizokwazi ukumbamba ngimtakule, wavele wakhala mi izinyembezi ethi ucela ngingambulali ngoba ungumzali futhi unezingane ezisencane.”
Uthe ngesikhathi esekwazile ukumsiza lo mlandeli, bavele basidinda isililo bobabili, bongana bebonga ukuthi awukho umphefumulo ophumile. Uthe wabiza abosizo lokuqala lo mlandeli wamcela izinombolo zakhe zocingo wathembisa ukuthi uzomfonela uma esefike kwelakubo.
ISundowns ikhiphe isitatimende igxeka ubudlova nobuqaba obenzeke enkundleni.
Ithe iphatheke kabi kakhulu ngokuziphatha.
“Amavidiyo asakazwe ezinkundleni zokuxhumana abonisa umonakalo omubi enkundleni. Abalandeli beMamelodi Sundowns sebebhekene nesigwebo sokuhoxiswa kwabo. Ivale ngokuthi isilinde umbiko kakhomishana womdlalo,” ngokusho kwesitatimende.
