Uncategorised

ONGCWABE I-PIRATES ANGAYIVUSA I-CHIEFS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA


OWAYENGUMQEQESHI weKaizer Chiefs uGavin Hunt usephakamise ukuthi leli qembu, maliyisikumele ngokushesha indaba yokusayina umgadli ovuthayo wase-DR Congo uFiston Mayele osemabhukwini ePyramids FC yase-Egypt. UMayele nguye ophule izinhliziyo zabalandeli be-Orlando Pirates, eshaya amagoli amabili ezakhe iPyramids FC zinqoba ngo 3-2 kwi semi final ye-CAF Champions League.
UMayele oneminyaka engu-30 uvunywa isizini njengoba eseshaye amagoli ayi-15, kanti usekhande amabili emdlalweni engu 35. Ekhuluma kwi-podcast iSoccerBeat uHunt, osanda kuxoshwa iSuperSport United ngenxa yokugqoza kwemiphumela, kungayibeka emathubeni amahle iChiefs. “Ngikholwa ukuthi uma uMayele engathathwa iChiefs engafika ashaye amagoli ayi-30. Awumtholi egcogcoma inkundla yonke kodwa uhlale esebhokisini elindele ukuqedela umsebenzi. Uphiwe ngamandla nokushesha. Yebo khona uneminyaka eyi-30 kodwa kunamaqembu kwi-PSL angayibheki kakhulu indaba yeminyaka. Engayisiza impela iChiefs ihlabane ngezindebe ezintathu ngesizini eyodwa.” Kuthiwa naye uMayele uyakulobizela ukudlala kwiChiefs kwazise umqeqeshi wayo uNasreddine Nabi usebenzile naye kwiYoung Africans yaseTanzania. Inkontileka kaMayela nePyramids iphela ngo June 2026.