USEQALILE UKUSEBENZA U-JOSE RIVEIRO E-EGYPT

UMBIKO:MABUNHLE MLABA
UQALE ukusebenza uJose Riveito njengomqeqeshi omusha we-Al Ahly kulandela ukuthi ethulwe ngokusemthethweni izolo.
UJose ulandelwe ukuzobuyisa isithunzi saleli qembu lase-Egypt elihlonishwayo e-Afrika ngenxa yamagalelo layo lokunqoba kaningi iCAF Champions League.
Leli qembu eliteketiswa ngokuthi iClub of the Century likhishwe kwabuhlungu kuma semi finals omqhudelwano omkhulu e-Afrika. URiviero uthwelwe ngeqoma kwazise ushiye Orlando Pirates eyibeke emgangathweni ngokuyinqobela izicoco ezintathu zeMTN 8 nezeNedbank Cup. Uhlulwe kuma-semi final eChampions League eguqiswa iPyramids FC ezotholana phezulu neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili wefayinali ezokuba seCairo ngeSonto.
Ngesikhathi i-Al Ahly idlala owokugcina nePharco ngoLwesithathu lo mqeqeshi waseSpain ubekhona enkundleni ewubuka ehleli endaweni yezicukuthwane. Uzobonakala okokuqala ebhentshini sekudlalwa kwi FIFA Club World Cup ezoba se-USA ngenyanga ezayo.
