Uncategorised

KUBE MUNCU I-ARROWS ITHOLA UNSWINYO

KUBE muncu eqenjini iGolden Arrows kulandela ukuthi iFIFA ibanike unswinyo lokuthenga abadlali.ISITHOMBE: FarPost

MALIBONGWE MAZIBUKO

LIBHEKENE nengwadla iqembu lebhola iGolden Arrows, kulandela ukuthi kuphume isinqumo esingujuqu kwinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFederation International Football Association(FIFA) yabanika unswinyo lokungakwazi ukuthenga abadlali amasizini amathathu.
I-FIFA ibashaye ngaloluswazi, ngenxa yokungakhokheli owayengumdlali waleli qembu, uKnox Mutwiza izimali zakhe ngenkathi iqembu limkhomba indlela ngesizini edlule.
UMutizwa ube esethola ikhaya elisha eqenjini iRichards Bay, okuthe uma engasakhokhelwa wathathe udaba waludlulisele kwabakhulu.
IFIFA iyalele abafana besithende ukuthi lolu nswinyo luzophela uma sebekhokhele umdlali imali yakhe, ababevumelene ngayo ngesikhathi behlukana.
Ithi uma behluleka ukukhokha kusho ukuthi bayoze bekwazi ukusayina abadlali abasha, ngoNtulikazi ka- 2027.
Lo mdlali waseZimbabwe uhlale amasizini ayi-8 kuleli qembu, washaya amagoli angama-63 emdlalweni engama-231.