IZINDABA EZIMNANDI KWABE-BHANGE ITHALA

IBHANGE iThala

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma nabezindaba eMarine Building. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
ITHEMBA kubantu abebebhenka ebhange Ithala, kulandela ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ememezele ukuthi bonke abantu ebekuvaleleke izimali zabo eThala bazozithola ungakafiki ukhisimuzi.
UNdunankulu uveze lezi zindaba ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba, eThekwini eMarine Building izolo.
“Namhlanje sizosho ukuthi abantu sebezozithola izimali zabo ngaphambi kokuthi kushaye ukhisimuzi. Thina njengohulumeni wesifundazwe sesisayinile ukuze abantu bathole izimali zabo ezisebhange iThala. Sizomemezela maduzane ukuthi bazozithola kanjani futhi kuphi,” kusho uNdunankulu.
Uqhuba uthi udaba oluthinta abasebenzi beThala lokungaziphathi kahle kahle nenkohlakalo nazo bazisukumele phezulu.
“Mhla lulunye kuLwezi kulonyaka besinamacala angama-474 abasebenzi ababekwe wona. Siwasebenze ngokubambisana okuholele ekutheni ayi-119 sikwazi ukuwaphothula, manje kusele ama-355 esiqhubeka nawo,” kuqhuba uNdunankulu.
Uthi udaba lwe-Ithala lubakhathaze kakhulu ngoba sebehambe ibanga elide njengohulumeni bezama ukuluxazulula, kulandela ukugxambukela kwabantu be-Repayment Authority, bavale ukusebenza kwebhange, bevalela izimali zabantu ngaphakathi.
