Uncategorised

UMOKWENA UHLABENE E-ALGERIA

URhulani Mokwena ejabulela indondo yakhe yokuqala e-Algeria ngoMgqibelo
ISITHOMBE: MC Alger

MALIBONGWE MAZIBUKO

Owayengumqeqeshi weWydad Athletic Club yaseMorocco, uRhulani Mokwena, uwine inkomishi yakhe yokuqala eNyakatho ye-Africa neqembu lakhe iMC Alger beguqisa i-USM Alger kowamanqamu weSuper Cup ngoMgqibelo ebusuku.
Ukunqoba le ndondo kukaMokwena kuwuphawu lokuthi izinto zihamba ngononina e-Algeria, njengoba esenqobe inkomishi yakhe yokuqala kwazise uphuma ebunzimeni eMorocco, lapho abeqeqesha khona iWydad Casablanca okuphoqeleke ukuthi ashiye ingakapheli nesizini ka-2024/2025, ngenxa yokuphikwa yizinto.
UMokwena selokhu efikile e-Algeria ngoNtulikazi nyakenye, uhlala ebhekana nemibuzo ejulile evela kubalandeli nakwabezindana, emayelana nokuthi impumelelo yakhe kwiMamelodi Sundowns eNingizimu Afrika uzokwazi yini ukuyiletha eqenjini labo. Kungenzeka ukuthi ukunqoba kwakhe indondo nokuhlala endaweni yokuqala kwi-log ngamaphuzu angama-34 , kuvale wonke amazwi abantu abamungabazayo. Iqembu leMC Alger noMokwena sebezogxila emidlalweni elandelayo yasekhaya kanye neyasezwenikazi yeCAF Champions League.