KUDLULE EMHLABENI UMCULI U-BRAVO LE ROUX

USINESIPHO Peter ongumculi ongasekho emhlabeni.
NOMCEBO NGEMA
ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo aqhamuka nkalo zonke ezinkundleni zokuxhumana , kulandela ukudlula emhlabeni kuka-Sinesipho Peter obedume kakhulu ngelika-Bravo Le Roux obengumcui, esezinze phesheya kwezilwandle eSwitzerland.
UBravo ubengowakuleli eClermont esifundazweni sase- Eastern Cape, kusolwa ukuthi uzikhungile khona phesheya kwezilwandle, ayikaziwa imbangela yalesi senzo njengoba amaphoyisa esaphenya.
Lezi zindaba ziqinikiswe umndeni wayo le nsizwa kwisitatimende esithunyelwe kwabezindaba.
“Sifisa ukuqinisekisa ukuthi uSinesipho akasekho emhlabeni obengumcui walapha eNingizimu Afrika, ithalente lakhe nephimbo lakhe belithinta izimpilo zabaningi emhlabeni wonke jikelele iphele kanjalo. Ngaphandle kokuba umculi ubeyindodana, ubaba, umzala kanye nomngani kwabanye abaningi. Sicela uBravo nimkhumbule ngakho konke okuhle akwenzile, umculo nokujabula ebekuletha kwabaningi,” kusho isitatimende.
Umndeni ube usucela ukunikwa isikhathi sangasese ukuze ukwazi ukuzila kahle, uphinde wadlulisa amazwi okubonga kubona bonke ngamazwi enduduzo nokweseka abakutholayo ngalesikhathi esinzima.
Uveze nokuthi inkonzo yesikhumbuzo neyokumbeka endlini yakhe yokugcina izomenyezelwa maduze.
