Uncategorised

SIZOPHUMA MADUZE ISINQUMO SABE-AFCON

INKOMIDI leCAF selizokhipha isinqumo mayelana nezigameko ezenzeke eRabat kwi-AFCON ka-2025.
ISITHOMBE : Reuters

ICONFEDERATION of African Football (CAF) ilungiselela ukukhipha isinqumo sekomidi lokuqondisa izigwegwe mayelana nomdlalo wamanqamu we-Africa Cup of Nations ka-2025 phakathi kweMorocco neSenegal.

Abanye abahlaziyi bathi lolu daba kumele lubhekwe njengesivivinyo sezinhlelo zokuphatha ibhola lase-Afrika, kunokuba kube wudaba lwezijeziso kuphela.
Ingxabano yaqala ngemuva kwephenathi eyanikezwa iMorocco sekuphela umdlalo, okwaholela ekutheni iqembu laseSenegal lidube inkundla okwesikhashana. Yize iLions of Teranga yagcina ibuyile yaqhubeka nomdlalo yaphinde yanqoba, kodwa ukubambezeleka kwemizuzu engu-14 kwaveza izikhala ekuphathweni kwezimo eziphuthumayo ngosuku lomdlalo, ukuxhumana phakathi kwezikhulu namaqembu, kanye nendlela izinqumo ezinzima eziphathwa ngayo ngaphansi kwengcindezi enkulu.
Abagxeki bathi emiqhudelwaneni esezingeni eliphezulu kwamanye amazwe, izigameko ezifana nalezi zivame ukulawulwa ngezinhlelo ezicacile kanye nokuxoxisana ngokushesha phakathi konompempe, izikhulu nabamele amaqembu. ERabat, ukungabibikho kwaleyo migudu kwenza intukuthelo yaba sobala kubalandeli, kwakhulisa umsindo futhi kwaholela ekugxekweni okusheshayo okuvela ku-CAF nakuMongameli we-FIFA, uGianni Infantino.
Ngokwalombono, lesi sigameko sibonisa izinselelo zokukhula komqhudelwano osukhule kakhulu ngenani, ngesithunzi, nangokulandelwa emhlabeni wonke jikelele. Njengoba izinga likhuphuka, iyaqonga nengcindezi yokuthi ukwahlulela konompempe, ukusetshenziswa kwe-VAR, kanye nokuphendula kwezinhlangano kube sezingeni eliphezulu.
Mayelana nobuholi, abanye baveza ukuthi akulungile ukubeka umthwalo wonke kuMongameli weCAF, uPatrice Motsepe, njengoba le nhlangano isebenza ngamakomidi amaningi anezibopho ezihlukene. Kunalokho, bathi isinqumo esizokhishwa kufanele sigxile ekwakheni nasekuqiniseni izinhlelo, ukuqeqeshwa konompempe, ukuphathwa kosuku lomdlalo, nezindlela zokuxazulula izingxabano ,ukuze ibhola lase-Afrika lizoqhubeka nokuzimela ezingeni lomhlaba.
Njengoba i-CAF isilungisa isinqumo sayo, abaningi balindele ukuthi singabi nje yisijeziso, kodwa sibe yisifundo esibalulekile sokuthi ibhola lase-Afrika lizilungisa kanjani ngaphansi kwengcindezi yomdlalo wanamuhla.