Uncategorised

IMEYA IBONGA UNDUNANKULU NGOKUGASELA ENKANDLA

IMEYA yoMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza namakhansela aseNkandla behlola imikhiqizo nenhlanzeko ezitolo. ISITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza ushayele ihlombe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokuzifikela mathupha eNkandla eqhuba umkhankaso wokugasela amabhizinisi kungazelele muntu, obizwa eNgangeni Ngesango Iyafohla, ngenhloso yokuhlola ukuthi osomabhizinisi bayayilandela yini imigomo futhi banawo yini amaphepha abagunyaza ukuthi babe namabhizinisi. IMeya isho kanjena izolo ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso edolobheni, eNkandla.

IMeya ithi kuyayijabulisa ukubamba iqhaza kukaNdunankulu ebheka ukuthi izitolo zaseNkandla zisesimeni esikahle, zihlanzekile futhi ziyahambisana yini nemithetho elawula ukusebenza ngokwenhlanzeko. “SiwuMasipala waseNkandla siyaluthokozela kakhulu lolu suku futhi siyabona ukuthi nabo abanikazi bezitolo balinyusile izinga lenhlanzeko. Nathi ikhona indima esidlalayo yokungena ezitolo ngohlelo lwezinhlekele (disaster), sihambisana namaphoyisa kanye noMnyango wezaseKhaya lapho sibheka abokufika ukuthi bahlezi ngokusemthethweni yini,” kusho iMeya uNzuza.

Uqhube wathi uma kukhona abatholakala bengenawo amaphepha bayaqoqwa bethathwe amaphoyisa, benzelwe uhlelo lokuhanjiswa emazweni abo. “Nathi asifisi ukuthi kubekhona abantu bokuhamba abalapha ngokungemthetho ngoba nathi siyathanda ukubona izingane zethu kanye nezakhamuzi zaseNkandla ziba namabhizinisi,” kuphetha iMeya uNzuza.

Kulomkhankaso kuboshwe abokufika ababili kwaphinde kwatholakala nomkhiqizo ongavunyelwe ukudayiswa kuleli.