UQHEKEKO KUBANGANI ABANGOSAZIWAYO

ULERATO Nxumalo noNelisiwe Sibiya ngosuku lo mshado lukaLerato
ANELE ZUMA
KUGQAME uqhekeko kubangani abangosaziwayo abebengamathe nolimi uLerato Nxumalo noNelisiwe Sibiya, kulandela ukuthi noNelisiwe abhocobale ngosuku lokuzalwa lukamngani wakhe, wahluleka nokuzenzisa ngokumfisela nje usuku oluhle.
Lolu qhekeko lubonakale ezinkundleni zokuxhumana , abalandeli babo baqaphele ukuthi kukhona okungasahambi kahle, basola ukuthi akukho ukuthelelana amanzi phakathi kwazo lezintokazi ezimbili.
Lokhu kulandela umcimbi wakamuva kaLerato, abalandeli bakhala ngokuthi bebelindele ukubona noma ukuzwa umyalezo wokumeseka ovela kuNelisiwe. Ukungazibandakanyi kwakhe nalo mcimbi kushiye abaningi beshaya amakhala ngobungani babo.
Ngaphezu kwalokho, abalandeli baphinde bathinta ubungani buka Lerato noBanele Ndaba, owaziwa ngelika Moghelingz. Kuthiwa izinto zaqala ukungahambi kahle ngesikhathi uLerato emupha isipho ethuthela emzini omusha. Kodwa ngesikhathi uLerato naye eshintsha indawo yokuhlala, impendulo kaBanele kuthiwa yagcina ngokuba ngumlayezo omfishane wokumhalalisela kuphela.
Nokho, akekho kubo osavele obala noma wakhipha isitatimende mayelana nalezi zinsolo. Bobabili basaqhubeka nokusebenza ezinkundleni zokuxhumana, kodwa abakayithinti eyobudlelwano babo.
