Uncategorised

SEKUHOXISWE UMDLALO WEZINKAKHA OKWESIBILI

UMDLALO wezinqalabutho zamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika uhoxiswe sekusele izinsuku ezimbili ungene enkundleni.

Izinkakha zeKaizer Chiefs kanye neze-Orlando Pirates.

ISITHOMBE: Puzzle Pictures

MALIBONGWE MAZIBUKO

ABAHLELI bomcimbi iPuzzle Pictures sebememezele ngokusemthethweni ngokuhoxiswa komdlalo weLegends Derby okwesibili, obuhlelelwe ukuba phakathi kwezingqalabutho zamaqembu amabili amakhulu aseNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Lo mdlalo bekulindeleke ukuthi ubanjelwe enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto kodwa ngenxa yezizathu ezingadalulwanga kabanzi, lomdlalo angeke usaqhubeka.
Esitatimendeni esikhishwe abahleli, baveze ukuthi bonke abathenge amathikithi bazobuyiselwa imali abathenge ngayo amathikithi yinkampani ewadayisayo, iTicketPro.
IPuzzle Pictures iphinde yathatha ithuba yabonga zonke izingqalabutho ebezizobamba iqhaza, ababambiqhaza, kanye nabalandeli abebekulangazelele ukubona lo mdlalo omkhulu.
Lokhu kukhanselwa kushiye abaningi bedumele njengoba lo mdlalo ubulindeleke ukuthi ubuyise izinsuku ezinhle phakathi kwabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo, njengoba izingqalabutho zala maqembu zivame ukuheha izinkumbi.
Abahleli bathembise ukuthi bazokwazisa kabanzi uma sekukhona izinhlelo ezintsha noma olunye ulwazi mayelana nomdlalo.