Uncategorised

BAKHALA NGABALINGISI ABAKHULUMA ISIZULU KWI-SKEEM SAAM

UMDLALO kamabonakude i-Skeem Saam wamukela umlingisi omusha uNhlanhla Kunene. ISITHOMBE:Facebook

AKHONA DLAMINI

SEKUQUBUKE izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomdlalo kamabonakude i-Skeem Saam, zokuthi sowuqasha kakhulu abalingisi abakhuluma isiZulu.
Abafike bakuhlaba bakuhlikiza ukuthi kuvezwe olingisa ewuthisha ekhuluma isiZulu kodwa efundisa abafundi abakhuluma i-Sepedi.

Lo mdlalo okhonjiswa ku-SABC 1, ababukeli bawo bakhala ngokuthi nawo uzogcina sewulandela uMuvhango owavalwa ngenxa kokwehla kakhulu kwezinombolo zababukeli.
Ababukeli bathi nakuba abaphathi beqasha abakhuluma IsiZulu, kodwa abangazikhohlwa izimpande zawo umdlalo, okuwukuthi wenzeka eTurfloop eLimpopo lakukhulunywa khona ulimi lweSepedi. Baveze ukuthi kulo mdlalo kubonakala behla kakhulu abalingisi abakhuluma isiSepedi kwanda isiZulu.

Lokho kwenza ukuthi umdlalo ungakholakali nhlobo, ngoba kuke kuvezwe olingisa ewuthisha ekhuluma isiZulu efundisa abafundi abakhuluma i-Sepedi.