KUXABENE UBENDLE KUBASHADIKAZI ABANGOSAZIWAYO

U-NANDIPHA Sefoloko owazakhela ugazi kumdlalo “uLuthando” nalowo obengumyeni wakhe. ISITHOMBE: GOOGLE
AKHONA DLAMINI
KUSHAQEKE abaningi ngemumva kokugonyuluka komlingisi owaduma kumdlalo kamabonakude uLuthando uNandipha “Luthando” Sefoloko ngokuhlukumezeka kwakhe, ehlukunyezwa umyeni wakhe uMthokozisi Ndaba-Mngoma owaphuma isibili kuma-Idols SA, ngonyaka ka-2017, njengoba ethi lokhu sekuholele ekutheni bahlukanise.
UNandipha wenze inkulumo eqoshiwe (video) ezinkundleni zokuxhumana ekhihla eseNdlovukazi uNandi, etshela abantu ukuthi lowo obengumyeni wakhe ubemhlukumeza emshaya, ngakho-ke usewafaka isehlukaniso enkantolo. Uphinde waveza ukuthi noma sebehlukanisile uMthokozisi usalokhu emlandela, emhlupha naku-Instagram. “Bengithule sonke lesi sikhathi ngoba ngenzela izingane zethu. Angifuni aboshwe kodwa ngifisa athole ukululekwa, abe umzali oqotho ezinganeni,” kuchaza uNandipha.
UMthokozisi ube esenza eyakhe inkulumo eqoshiwe ephika zonke izinsolo ezishiwo obengumkakhe. Uveze nokuthi nguyena siqu sakhe owahlongoza indaba yesehlukaniso, futhi uNandipha akafuni ukusayina amaphepha.
