Uncategorised

KUTHOLAKALE IZICUBU ZOMUNTU NEZICATHULO ESISWINI SENGWENYA

INGWENYA etholakale nezicubu zomuntu idonswa emfuleni iKomati. ISTHOMBE: GOOGLE

PHUMELELE DLAMINI

ITHIMBA lamaphoyisa nabasebenzi baseSANParks, lidabule ingwenya elinganiselwe kwisisindo esingama-600 kg, ngemumva kwezinsolo zokuthi idle usomabhizinisi, uGabriel Batista oneminyaka engama-59 ubudala, ngesikhathi ezama ukuwela umfula iKomati ngoMsombuluko wesonto eledlule.

UKapteni Johan Potgieter okhulumela amaphoyisa, uthi babone le ngwenya ihlezi ngaphandle komfula izinsuku ezine zilandelana, ngokolwazi lwabo okuchaza ukuthi isalinde kubohle isidlo sakamumva, nokwenza baba nesiqiniseko sokuthi lo somabhizinisi ongatholakali kungenzeka ube isidlo sayo.

“Esiswini salengwenya sithole izicubu zomuntu nezicathulo eziyisithupha. Yize izicubu zisahlolwa kepha sinesiqinisekiso ukuthi iyona lendoda ebesiyifuna,” kusho uKapteni Potgieter.

Lesi sigameko sishiye umphakathi uthuke kakhulu, kanti amaphoyisa akhiphe isexwayiso kubahlali nabashayeli baseKomatipoort, ukuthi bangaweli amabhuloho uma egcwele kakhulu, ngoba bangase balahlekelwe impilo yabo. Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.