BAZOLITHEZA ELINENKUME ABAROBHE UGESI EVRYHEID

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ekhuluma namalunga omphakathi.

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ipha ilunga lomphakathi ivoucher yokudla. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
INHLANZI izoshelwa amanzi kwizakhamuzi zaseVryheid ezirobhe ugesi. Lokhu kushiwo iMeya yaloMasipala uCllr Sifiso Mkhwanazi, ngesikhathi enomhlangano nomphakathi waseSasko izolo, wokudingida ngezinkinga zikagesi ezibhekene nalo mphakathi.
IMeya ikhuthaze amalunga omphakathi ukuthi athenge ugesi. “Kubalulekile ukuthenga ugesi, ningawuntshontshi ngoba uma ugesi usunenkinga kuthinteka nemizi ewuthengayo ugesi. Uma abasebenzi bakaMasipala befica urobhile bazophoqeleka ukuthi bawuvale lowo gesi ngoba wonke umuntu osebenzisa ugesi kumele awukhokhele. Akubona ubulingiswa ukuthi abanye bathenge ugesi bese kubakhona abarobhayo,” kusho iMeya uMkhwanazi.
IMeya iqhube yathi izobhekana ngqo nabantu abantshontsha ugesi, ngoba kuyicala lokho.
