Uncategorised

KUBOSHWE ABOKUFIKA ABAGOLOZE NENDLU YOMXHASO

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal ehambisana naboMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu begasela kumuzi ohlala abokufika kuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

BAKHALELWE amasongo kasigonyela abathathu bokufika kuleli, ngesikhathi kugasela aboMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kungazelele muntu, eQuarry Heights eNewlands East.
Laba bokufika kuthiwa bebehleli benethezekile endlini yomxhaso kahulumeni (RDP House), okuthiwa bayidla ngendlela engaqondile kumnikazi, kanti nabo abanawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, uthi leli thimba elivela emnyangweni wakhe belisebenzisana namaPhoyisa. “Njengamanje leli thimba limatasa liyaphenya ngalaba bokufika ukuthi ngabe ezabo okanye baqashile kuzona. Laba bokufika amaphepha abo awaqondakali kodwa uphenyo luyaqhubeka,” kusho uNgqongqoshe uDuma.