Uncategorised

I-KZN HACK26 IZOLETHA AMATHUBA KUBASUNGULI BEZOBUCHWEPHESHE

UMCIMBI wezobuchweshe uzobanjelwa eMhlanga Ridge. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

INHLANGANO iKZN Tech Horizon, izokwethula i-hackathon yayo yokuqala ebizwa ngokuthi iKZNHack26, mhla zingama-29 kuya zingama-30 kuNhlaba 2026.

Lo mcimbi uzoqala ngenkulumo ebhekiswe emphakathini, emayelana nezokuphepha kwezobuchwepheshe ezokwethulwa uDkt James Stanger waseCompTIA, ngaphambi kokuthi kuqale umncintiswano ngehora loku-13:00 ntambama ngoLwesihlanu.

Bangaphezu kwe-120 abebefake izicelo kule hackthon, kodwa kukhethwe abangama-70 kuphela ngenxa yesikhala esilinganiselwe. Lo mcimbi uzophinde wesekelwe ngabeluleki abangama-24 abavela eNingizimu Afrika nasemazweni omhlaba.

Umsunguli we-KZN Tech Horizon, uS’phiwe Khuzwayo uthi: “ Lo mncintiswano kuhloswe ngawo ukukhulisa amakhono wezobuchwepheshe, ubuhlakani kanye nosomabhizinisi abasha esifundazweni iKwaZulu-Natal,” kusho uS’phiwe.

Abaxhasi balo mcimbi iDUT, iKhokha, Geekulcha, Moses Kotane Research Institute nezinye izinhlangano zobuchwepheshe.