UNTULI UKHATHAZEKILE NGESIBALO SABASE-MALAWI ABASE-SHAREWOOD

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli evakashele abokufika baseMalawi, eSharewood.

ABOKUFIKA baseMalawi abahlala lapha ubusuku nemini behlezi amaqeqebana. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi bakhathazekile ngokwanda kwesibalo esilinganiselwa cishe kwizinkulungwane eziyi-10 000, sabantu bokufika baseMalawi abaqhinqe ehholo lomphakathi eSharewood, eThekwini. Usho lokhu ngesikhathi evakashele le ndawo ngenhloso yokuhlola isimo, nokuzwa izinhlelo zakamumva kwababambiqhaza, izolo.
UNdunankulu uthi uyasincoma kakhulu isenzo sabo sokuthi uma beshaya ikhwelo lokuthi bonke abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokuba kuleli, ababuyele emazweni abo bayolungisa basukuma beza ngaphambili. “Njengamanje kufanele kube khona ukubambisana ukuze lokhu kwenzeke kahle futhi kungathumeli umyalezo omubi. Laba abagxekayo sengathi kukhona ukuhlaselana, cha akukho ukuhlaselana, kodwa bakhona laba abagangayo okufanele baboshwe amaphoyisa, laba asebeqala ukuphazamisa into enokuthula betapa ezitolo. Kuyangijabulisa ukubona izinhlelo zokubambisana ikakhulukazi kwiminyango kahulumeni, izinhlangano ezizimele kanye namabhizinisi. Izinhlelo ezenziwa kufanele zisheshiswe ngoba lesi sibalo singase sande kakhulu bese sigcina sibhekane nenkinga,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi kunekomidi abazolisungula elizobuka lesi simo eduze ngokubambisana nabo bonke abathinyekayo ngoba ekupheleni kosuku labantu, bangabantu nabo. “Kunomama bezingane abalapha, izingane kanye nezingane ezimbili esezilalelwe lapha mangase imvula inethe, izophelela kubona yonke futhi njengoba kuyisebusika amakhaza aphelela kubona,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
Amabhasi ayisi-6 afikile azolanda abanye bokufika baseMalawi, njengoba abaningi kuyisifiso sabo sokuthi babuyele ezweni labo, bayohlala nemindeni yabo.
