KUTHOLWE ISIDUMBU SOWESIFAZANE SINAMANXEBA OKUDUTSHULWA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUTHOLAKALE isidumbu sowesifazane sindindilize eceleni komgwaqo, sinamanxeba okudutshulwa kuN2 ngase-Ifafa eningizimu yeKwaZulu-Natal ngoLwesine.
Amaphoyisa asehlabe ikhwelo lokufuniswa umndeni noma izihlobo zalo wesifazane.
Okhulumela amaphoyisa aseKZN uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe lo wesifazane wayegqoke iblukwe eli-brown isikibha esimhlophe esibhalwe ukuthi ‘Paris’, umpofu ngokwebala, ngobude uphakathi nendawo unezinwele ezimfishane.
“Sicela umndeni olahlekelwe isihlobo sawo esinencazelo efana nalena athinte uKaputeni uMoodley kunombolo ethi 082 339 7842/039 699 9811,” kusho uConstable Ngcobo
