Uncategorised

IQALE NGEGIYA ELIPHEZULU I-KZN PREMIER’S CUP

IMILFORD inqobe iLamontville Golden Arrows emdlalweni wokuqala wosuku

IRICHARDS Bay inqobe iDurban City kumaphenathi.

AmaZulu abhaxabule iMidlands Wanderers, adlulela kowamanqamu. IZITHOMBE: KZN PREMIER’S CUP

AKHONA DLAMINI

BEKUVUNGUZA umoya wenjabulo emqhudelwaneni weKZN Premier’s Cup, oqale ngokusemthethweni eSugar Ray Stadium, eClermont, namuhla , lapho bekugadulisana khona amaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal adlala kwiPremier Soccer League (PSL). Kula maqembu bekungekho elifuna ukugoba uphondo, ngenhloso yokuzibekela indawo emidlalweni yamanqamu ezobanjelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu kusasa.

Emdlalweni wokuqala, iMilford FC inqobe iLamontville Golden Arrows ngo 1-0, yadlulela kowandulela owamanqamu. Iphini lomqeqeshi weMilford, uNkululeko Buthelezi, ubonge umdlalo omuhle, nokuzimisela kwabadlali bakhe. “Badlale ngokuzikhandla kakhulu uma bengaqhubeka ngaleli giya angingabazi ukuthi sizoyiqukula le ndebe,” kusho uButhelezi.

Komunye umdlalo obubhekwe ngabomvu ngabalandeli, iRichards Bay FC neDurban City badlale ngokulingana ngo 1-1 ngesikhathi esijwayelekile, kwaphoqeleka ukuthi kuyiwe kumaphenathi. IBay igcine inqobe ngo 5-4, yaqinisekisa indawo kowandulela owamanqamu ezowudlala neMilford FC ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu kusasa ngo-10 ekuseni. Umqeqeshi weBay, uRonnie Gabriel, uthe bekuwumdlalo obungelula kodwa abadlali bakhe balwe kwaze kwafika ekugcineni.

“Abafana bami ibona abalivalele enethini kuqala, leli elesibili umkhonto ugwaze ekhaya okuholele ekutheni silingane ngamagoli neDurban City. Lokho kungikhombisile ukuthi abafana bebelwa bengafuni ukwehlulwa.” kusho uGabriel.

Emdlalweni wokugcina wosuku obuphakathi kwaMaZulu FC neMidlands Wanderers, kudluleUsuthu ngo 2-0. Ngalokhu, ludlulele emdlalweni wamanqamu elizowudlala neqembu elizowina phakathi kweBay neMilford. Umdlalo wamanqamu uzoba ngo-2 ntambama ePrincess Magogo Stadium.