USUTHU LUNGOMPETHA BE-PREMIER’S CUP

AmaZulu FC akhale emuka nendebe ye-KZN Premier’s Cup.

I-MILFORD idlulele kowamanqamu ngemuva kokushaya iRichards Bay. IZITHOMBE: KZN PREMIER’S CUP
AKHONA DLAMINI
AKUSEKHO ukungabaza ukuthi iqembu AmaZulu FC selukulungele ukuqala isizini entsha, njengoba lingomacekeceke bompetha bendebe iKZN Premier’s Cup, ngemuva kokuguqisa iMilford FC 2-0 emdlalweni wamanqamu ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namuhla.
Lo mqhudelwano uqale izolo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Bekuqhudelana amaqembu ayisithupha adlala kwiPremier Soccer League (PSL). Lo mdlalo uthakaselwe kakhulu ngabalandeli bebhola njengoba bekugcwele phama ezinkundleni zemidlalo. IMilford ifinyelele kowamanqamu ngemuva kokunqoba omakhelwane bayo iRichards Bay FC ngo 2-1 ngamagoli, emdlalweni owandulela owamanqamu ePrincess Magogo Stadium namuhla ekuseni. Nakuba iMilford ikhombise ukuzimisela nokulangazelela ukunqoba le ndebe kodwa ihlulekile ukumelana noSuthu obeluvutha lungabaselwe.
Iphini lomqeqeshi woSuthu uSiboniso Vilakazi uthe, “SiwuSuthu silithokozele kakhulu ithuba lokudlala kwiPremier’s Cup. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi sizokwenza kahle kakhulu kule sizini ezoqala. Abafana badlale kakhulu, bebekhombisa ukuyilangazelea le ndebe kusukela umdlalo uqala waze wayophela. Ngithanda ukubonga abalandeli ngaphandle kwabo asiyilutho, ukucula kwabo kanye nokubakhona kwabo enkundleni kwenza umsebenzi omkhulu kakhulu,” kusho uVilakazi.
