IPOSTBANK IKULUNGELE UKUSHINTSHA AMAKHADI AKWA-SASSA

AMAKHADI amnyama asePostbank okufanele abantu abahola isibonelelo bashintshele kuwona. ISITHOMBE: POSTBANK
NOMCEBO NGEMA
IPOSTBANK ithembisa ukushintsha wonke amakhadi ayigolide akwa-South African Social Security Agency (SASSA), ngaphambi komnqamulajuqu wokuphela kwalenyanga uNcwaba. IPostbank ithi cishe bangu-280 000 abantu abahlomula isibonelelo sikahulumeni ezweni lonke, abangakawatholi amakhadi amasha e-Postbank Black Card. EWestern Cape kuphela bangaphezu kuka-43 000 abadinga ukushintsha amakhadi abo.
Isikhulu esiphezulu sokusebenza kwePostbank, uNkk Eurekha Singh, sithe iPostbank yengeze abasebenzi ezindaweni ezinomthamo omkhulu wabantu ukuze kusheshiswe lolu hlelo. Uthe iPostbank inawo amandla nezinsiza zokushintsha wonke amakhadi asele ngaphambi kokuphela kwenyanga.“Sicela bonke abahola isibonelelo sikahulumeni ukuthi bangalindi umzuzu wokugcina, kodwa beze kusenesikhathi bezoshintsha amakhadi,” kusho uNkk Eurekha Singh.
Okhulumela uSassa, uBongani Diako, ugcizelele ukuthi angeke kusaba khona ukwelulwa kwesikhathi ngemuva komhla zingama-31 kuNcwaba. “Noma ngabe ubani osazosebenzisa ikhadi lakwa-SASSA eliyigolide ngemuva kosuku lomnqamulajuqu ngeke asithole isibonelelo sakhe,” kusho uDiako.
