INANDA FM NE-HOLLYWOOD FOUNDATION BANIKELE NGOMFANISWANO ELINDELANI

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
UMSAKAZO INanda 88.4FM ne Hollywood Foundation bebehambele izikole ezimbili zamabanga aphansi eLindelani, iPhikiswayo neNdabomuhle. Abafundi balezi zikole bamukeliswe umfaniswano wesikole wenani lika-R15000 isikole ngasinye.
Okhulumela Hollywood Foundation ophikweni le-CSI, uNkk Bongiwe Nzimande uthe, okwabo ukuqinisekisa ukuthi bonke abantwana bazizwa bejabulile uma kuyiwa eskoleni.
“SiyiHollywood Foundation siqhakambisa ukufunda nokufundisa okunempilo. Uma umntwana ezofika nomfaniswano ongafani nowabanye, uyaye abe nokuzenyeza okukhulu. Lokhu kwenza kube nzima kakhulu nakuthisha ovele athwale sonke isimo somntwana,” esho.
Uthi bangenelela ukuze kuthengwe umfaniswano wonke.
“Sisebenzisana nezinhlaka zaHulumeni ukulekelela nabazali imbala abanamabhizinisi amancane, siwasukhulise uma engenzi kahle, baphinde bakwazi ukufundisa abantwana babo,” esho.
INdlovukazi Mapule we INanda 88.4 FM uthe bewumsakazo, kubalulekile ukwazi okwenzekayo emphakathini noma ngabe imuphi, ikakhulukazi izikole. Ubonakale egxuma edansa nabantwana kwazise wake waba nguThisha.
” Kwaze kwamunandi ukubona iphupho lifezeka. Ukuhamba lezi zikole zombili ezisenhliziyweni yami futhi zisendaweni engakhulela kuyo nengisahlala kuyo, kungijabulise kakhulu. Kungumkhuleko wami weminyaka yonke ukuQala uQhube uQede kahle. Njalo uma kuqala unyaka ngivakashela izikole sihambisana noMsakazo INanda 88.4FM ukugqugquzela usiko lokufunda, ukuthandana nokungacwasani ebantwaneni”, kusho yena.
UNkk Sigagayi obongele iPhikiswayo, uncome umsebenzi owenziwe umsakazo iNanda FM ne Hollywood Foundation.
UDkt Zonke Ngema okhulumele isikole iNdabomuhle uthe kuyabajabulisa kakhulu okwenziwe yiNanda FM kanye no Hollywood Foundation.
