Izindaba

INDIDA NGOMFUNDI OTHOLAKALE ESHONILE ECWIYWE UMPHAMBILI

UMFUNDISI uSandiswa Sibiya otholakale eseshonile. ISITHOMBE:SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMNDENI womfundi oneminyaka engama-18, obefunda ibanga leshumi ufuna izimpendulo nobulungiswa, kulandela ukutholakala kwesidumbu sakhe eGlendale, eStanger.

USandiswa Sibiya obebikwe njengolahlekile ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kohambo lwesikole, kwase ukutholakala isidumbu sakhe ngoLwesine, ezihlahleni eziseduze nesikole.
Amaphoyisa athe lo mfundi utholakale enamanxeba amabi, njengoba kuvela nokuthi ubenqunywe isitho sangasese.

Ilungu lomndeni uNks Lungile Manzi, lithe badabuke kakhulu futhi bafuna kwenziwe uphenyo olunzulu. “Sikhathazeke kakhulu ngokungazitholi izimpendulo ezanele nezicacile emaphoyiseni aseGlendale. Njengomndeni sifuna abathintekayo kulolu daba babhekane nengalo yomthetho. Sinemibuzo eminingi enganazo izimpendulo njengoba abangani bakhe umufi ababevalelwe ngamaphoyisa befakwa imibuzo, badedelwa ngoLwesithathu, kwathi ngosuku olulandelayo kwatholakala isidumbu sakhe,” kusho yena.