
UMYENI ULAXAZE I-NFP WASUNGULA I-NPA
OWAMI THABETHE
IPHINI leMeya yeTheku uCllr Zandile Myeni, lilaxaze iNational Freedom Party(NFP), lasungula iqembu lepolitiki iNational People’s Ambassadors (NPA), naqhoqhobele osobumengameli.
UMyeni wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine mhlaka 3 Mandulo 2026 eThekwini, okuyilapho ememezele khona ukuthi akaseyona ingxenye ye-NFP, ayijoyine ngo-2011, ngemuva kokusungulwa nguZanele kaMagwaza-Msibi ongasekho.
“Silapha ekhaya manje, okuyiNPA. Inhloso yethu wukusebenzela abantu bakithi futhi sinxuse labo abangasafuni ukuvota ukuthi bashintshe umqondo basivotele ukuze sizoletha uguquko emphakathini,” kuchaza uMyeni.
Uthembise ukuthi yena neqembu lakhe bazolwa nenkohlakalo egcwele kuMasipala weTheku, izinkinga zamanzi, nabantu abaqasha izihlobo zabo kuphela kuMasipala.
