Izindaba

UTHOLAKALE EMAKHAZENI ODUKE EYOGIJIMA

OWAMI THABETHE

KUBE usizi emndenini ka-Elizabeth “Tsontso” Moselakgomo, kulandela ukutholakala kwesidumbu sakhe emakhazeni, aseGermiston ngoMsombululo mhla ziyi-14 kuMandulo, ngemuva kokulahleka izinsuku eziyi-6 engaziwa.

U-Elizabeth obeneminyaka engama-38 ubudala, obaziwa kakhulu ngokuthanda ukugijima, wanyamalala ngoLwesithathu mhla ziyi-9 kuMandulo. Kuthiwa ulahleka nje wayephume endlini yakhe eRhodesfield, Kempton Park, wayogijima ntambama njengenjwayelo. Kulokhu akabange esabuya ekhaya, kwaze kwaba yindodakazi yakhe eneminyaka eyi-8 ubudala eyahlaba umkhosi yabikela izihlobo, kwase kuvulwa icala emaphoyiseni.

Kuvele ukuthi isidumbu sakhe satholakala ngemuva kwehhotela eRhodesfield ngoMgqibelo mhla ziyi-12 kuMandulo. Umndeni awukwazanga ukuhlonza isidumbu ngenxa yokulimala okukhulu ebusweni, kwaze kwadingeka inqubo esemthethweni emakhazeni.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLieutenant General Puleng Dimpane, uthe amaphoyisa aphezu kophenyo olunzulu ngalolu daba.

“Sisungule ithimba elikhethekile elizobhekana ngqo nokubulawa kwabantu besifazane eGauteng nasezindaweni ezingomakhelwane, okubukeka sengathi kukhona umbulali ozicanaselayo,” kusho uDimpane.

Ukutholakala kwesidumbu sika-Tsontso, kuza ngesikhathi amaphoyisa ephenya uchungechunge lwezidumbu zabesifazane abahlanu ezitholakale eKempton Park nase-Olifantsfontein ezinyangeni ezimbili ezedlule.