
UKUBHONGA KWESILO KWENZE KWAVUNYWA IZINKINGA ZENGONYAMA TRUST

UKUBHONGA kweSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokukhishwa kwaso inyumbazane, kuveze ukuthi iNgonyama Trust ikhungethwe yizinkinga zangaphakathi. .ISITHOMBE:KZNDSAC

IPHINI likaSihlalo weNgonyama Trust, u-Adv Linda Zama
ISITHOMBE: NEWS AVENUE
OWAMI THABETHE
UKUBHONGA kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngokuphathwa budedengu kwezimali nokukhishwa inyumbazane kwaso kwiNgonyama Trust, kuqhumbuse ithumba lokuthi le nhlangano ihaqwe yizinkinga zangaphakathi.
Nakuba u-Adv Linda Zama, oyiphini likaSihlalo weNgonyama Trust, ekuphikile ukukhishwa inyumbazane kweSilo, kodwa uphumele obala ngokuthi izinto azihambi kahle neze kule nhlangano eyangamele umhlaba weNgonyama.
U-Adv Zama uthe akahambisani nesithombe esivezwe iSilo mayelana nesimo sangaphakathi kule nhlangano, kodwa uyavuma ukuthi zikhona izinkinga zangaphakathi kuyo inhlangano.
“Empeleni izinto azihambi ngendlela okufanele zihambe ngayo kule nhlangano, kodwa akekho umuntu oyilunga leNgonyama Trust ovinjwayo ukuthi abe yingxenye yemihlangano. Angivumelani nalokho okuvezwe iSilo mayelana nesimo seNgonyama Trust,” kusho u-Adv Zama
Ukuphikisa iSilo okwenziwe u-Adv uZama, kuvuse imibuzo ngesimo sobuholi kanye nokusebenza kwale nhlangano.
Ukuziphendulela kuka-Adv Zama kuza ngesikhathi kufohla ibutho elaliholwa uNgizwe Mchunu noPhakelumthakathi emhlanganweni wamaKhosi neNgonyama Trust obuse-ICC mhla zingama-30 kuMandulo, ngenhloso yokumisa umhlangano ngemuva kwezikhalazo zeSilo.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini esinguSihlalo weNgonyama Trust, asibonakalanga kulo mhlangano futhi asithumelanga muntu ozosimela. Nakho lokho kwavusa imibuzo kwagovuza nebutho ukuba liyobuzela oMdala ukuthi kwenziwani ezweni lakhe engekho?
Kuzokhumbuleka ukuthi eMkhosini woMhlanga naseMkhosini weLembe iSilo sakhononda ngokungatshelwa ngemihlangano ebanjwa iNgonyama Trust, sithi sihlale sivalelwa ngaphandle.
