
ISILO SAMUKELE IKHANDA LAKWA-NGEMA

ABEBETHAMELE le ngqophamlando yomcimbi. IZITHOMBE: INDLUNKULU KAZULU
AKHONA DLAMINI
ABAKWA-NGEMA bethule ozokuba yinhloko nomxhumanisi wabo nendlunkulu, kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini, esigodlweni seSilo eMashobeni oPhongolo, ngoMgqibelo mhla ziyi-8 kuLwezi.
INdlulamithi izwakalise ukubonga ngokothiwa abakwaNgema nokwethula komuntu abamkhethe ukuthi abe ngumxhumanisi wabo neNdlunkulu.
“ Ngiyajabula ukuthi manje siyamazi umuntu esizoxhumana naye uma kunesidingo sokudlulisa umyalezo noma sifuna ukuxhumana nomndeni wakwaNgema,” kubhonga iSilo.
Lo mcimbi ubuyingqophamlando emndenini wakwaNgema njengoba abakwaNgema, oDlokovu, oNene nazo zonke izibongo ezingaphansi kwabo, bebeze ukuzokwethulauLindelani Phineus Ngema njengekhanda elizobamela eNdlunkulu, ngamaguqa alishumi.
