Uncategorised

BALOKHU BEBABAZE NJALO NGOMSHADO WESI-5 KA-LEBO M

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ULEBO M owaziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe kwiThe Lion King, ubukeka engapheli moya ngomshado yize eminingi isibhidlikile. Le nkakha kwezeshashalazi yethuse abaningi ngeSonto iveza ukuthi izoshadelwa nguMalefu Ntsala abake bathandana naye phambilini, baphinde behlukana.
Lo mshado kuzobe sekungowesihlanu kuLebo M njengoba waba sebudlelwaneni nabesifazane esingabala kubo uNandi Ndlovu, uViveca Gipson, u-Angela Ngani-Casara, uPretty Samuels-Morake kanti kwabanye kwagcina ngomthembiso okubalwa kubo nomlingisi uZoe Mthiyane.

Ebhala ekhasini lakhe lezokuxhumana ukucacisile ukuthi akasoze aphosa ithawula othandweni, nokuyilapho efake khona nezithombe beseholidini eDubai nesinqandamathe sakhe.
“Usuku esiyoyeka ngalo ukukholelwa othandweni , wusuku okuyoma nse ngalo amaphupho ethu. Ngiyabonga ngokuphumelela kwephupho lami, nokuqala leli khasi elisha,” esho.
Abantu abaningi balokhu bebabaze njalo ezinkundleni ngokushada okwesihlanu noLebo M, abanye bathi useshsdelrrlwa nons, abanye bathi yindoda engagivaphu.