Uncategorised

SIPHELILE ISOMISO KOWADUMA KWI-ISIBAYA

UMBIKO : MABUNHLE MLABA
SIPHELILE isomiso kowaduma njengoba bekhuza ibuya kumabonakude u-Asavela Mqokiyana, obesekuphele iminyaka emithathu engabonwa.
Le ntokazi isijoyine uZalo lapho ezolingisa indawo yomhlengikazi okuthiwa uSizakele. Ubhale ku Instagram izolo ngoLwesithathu eqinisekisa lezi zindaba zokuthi usezobonakala kulo mdlalo wakwa-SABC 1 odlala njalo kungamengxe 20.30 ebusuku, kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
“Awww kodwa weNesi. Introducing Sizakele. TX tomorrow night at 8:30pm.” UMqokiyana, ozalwa umqeqeshi webhola uManqoba Mngqithi, uke waba sematheni ngasekupheleni konyaka odlule ngezindaba zokudivosa. Waqala ukugqama emdlalweni Isithembiso kanti abaningi bamnake kakhulu eselingisa indawo kaNtwenhle emdlalweni Isibaya, lapho adlala kusukela ngo 2018 kuya ku 2021. Useke wabonakala nasemidlalweni i-Amogelang, Abomama, nakwiDurban Gen.