INJAMPELA IZIMISELE UKUVIKELA INDEBE YE-MANGOSUTHU CUP

INJAMPELA FC izimisele ukuqopha umlando ngokuvikela isicoco sePrince Mangosuthu Legacy Cup.
ISITHOMBE: Mangosuthu Cup
MALIBONGWE MAZIBUKO
INJAMPELA FC ithi izimisele ukuvikela indebe yomqhudelwano wePrince Mangosuthu Legacy Cup, izokuba Olundi namuhla, njengoba ihlome izingovolo ngabadlali bayo.
Umqeqeshi waleli qembu elizinze KwaNongoma uTsepo Motsoeneng uthi njengabavikeli bendebe bazimisele ukuqopha, ngokuthi baphinde Babuye nayo.
“Okubalulekile esizokwenza ukuthi sivikele isicoco, sikubeke eceleni ukuthi sidlala ebangeni eliphansi, ukuqathanisa namaqembu esizodlala nawo kodwa konke kuzophelela enkundleni yezemidlalo ” kusho umqeqeshi.
Umdlalo wokuqala, uzoqala ngo-9:00 ekuseni kuzobe kubhekene iNjampela FC naMazulu, olandelayo uzokuba ngo-12:00 emini kuzodudulana iNsingizini Hotspurs neRichards Bay, ngo-15:00 ntambama kuzobe sekucaca ingqwele ebafaneni, kumdlalo wamanqamu
