Izindaba

UBHODLA UMLILO UNATHI SITHOLE OKWELETWA UNDLUNKULU WESILO

UNATHI Sithole ongumculi womculo wokholo
ISITHOMBE: INDLUNKULU

ZETHU PHOSWA

UMCULI wokholo uNathi Sithole ukhala ngemali ayikweletwa uNdlunkulu weSilo uMaMyeni, ngemuva kokuthi emqashile emcimbini owawungoMbasa kulo nyaka, kodwa akaze amkhokhele kuze kube imanje.

UNathi ubhale ezinkundleni zokuxhumana kuFacebook, elandisa ukuthi sebaholelwa bonke ayeqashwe nabo kulo mcimbi, kodwa yena yedwa akayitholile imali yakhe.

“Indlela engikuhlonipha ngayo Ndlunkulu angifisi kugcine sekusebenzeka ngale ndlela, impilo yakho nemicimbi yakho iyaqhubeka kodwa mina ngisakhalela ukukhokhelwa imali yangoNdasa,” kusho uNathi.